Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngubani lo obonakala njengokusa, emuhle njengenyanga, ekhanya njengelanga, owesabekayo njengebutho eliphethe amabhanela?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:10
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’


Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.


uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,


Khona besaba nokwesaba, ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.


Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?


Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.


Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula* ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.


Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.


Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”


Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.


Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.


futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.


Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo siyiWundlu.


“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”


Ubusuku abusayikuba khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka