Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Mathewu 15:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Owesifazane wathi: “Yebo, Nkosi, kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Wathi: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana ziyadla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Wathi: “Yebo, Nkosi, nokho nezinjana ziyadla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 15:27
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”


Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.


Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”


enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda.


“Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,


Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”


nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka