Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ningaqambi amanga omunye komunye, ngokuba senikhumule umuntu omdala nezenzo zakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 3:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.


Wathi: “Nempela bangabantu bami, abantwana abangakhohlisi,” waba ngumsindisi wabo.


“ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.


Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi, ingakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.”


Yilezi zinto eniyakuzenza: khulumani iqiniso, kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;


nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka