Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 7:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

42 Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

42 UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 7:42
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezwanga, kepha benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.


“ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke.


Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.


Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;


Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu babezizwe, uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka