Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 4:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

34 Kwakungekho osweleyo phakathi kwabo, ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, imali yalokho ababekuthengisile bayiletha,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 4:34
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.


Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona* ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.


Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.”


bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo.


enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.


ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.


bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka