Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:14
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.


“Ngizweni, bantu bami, ningibekele indlebe nina sizwe sami, ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho, ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.


“Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.


Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


wayesethi kubo: “Madoda akwa-Israyeli, qaphelani kulokho enizakukwenza kulaba bantu.


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka