Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Hoseya 13:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 “Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Noma ethela phakathi kwabafowabo, kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ukhuphuke uvela ehlane, nomthombo wakhe wome, nomthombo wakhe wome; Uyophanga ingcebo yazo zonke izinto ezithandekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 13:15
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.


Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”


“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.


Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi; phezulu kuyabuna amagatsha akhe.


Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.


Inzalo yakhe mayinqunywe; igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.


Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”


Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.


Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.


Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.”


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuvusela iBabele nabakhileyo eLebi Khamayi umoya womchithi.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakumela indaba yakho, ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.


Bheka, lapho usutshaliwe, uyakuphumelela na? Awuyikubuna nokubuna, lapho umoya wasempumalanga uwuthinta, ubune emiseleni lapho uhlumele khona, na?’ ”


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.


Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.


Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.


Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.


Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka