Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 AmaJuda anquma futhi azithathela wona kanye nenzalo yawo nabo bonke abazihlanganisa nawo, ukuze kungapheli, ukuthi bagcine lezi zinsuku ezimbili njengemibhalo yabo nangesikhathi sazo esimisiwe unyaka nonyaka;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:27
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.


UMoridekayi waziloba lezo zindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, abaseduze nabakude,


ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke


zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.


babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.


Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


Nabezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina isabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami,


Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Ebandleni kuyakuba yisimiso sinye kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; njengani uyakuba njalo umfokazi phambi kukaJehova.


UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.


UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.


Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.


Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka