Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 96:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Nina mindeni yabantu nikani uSimakade, mnikeni uSimakade inkazimulo namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Mnikeni uJehova, zizukulwane zabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 96:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”


Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,


Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.


Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: “Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


“Amen! Isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka