Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 76:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokukhuza kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kokubili inqola nehhashi kwehlelwa ubuthongo obunzima.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 76:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli; uDavide wabulala kuma-Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane, wamshaya uShobaki induna yempi yabo, wafela khona lapho.


Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.


Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi,’ isho iNkosi uJehova.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”


Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abakhulu bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekile ezintabeni, akakho obabuthayo.


Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.


UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni muntu, kungazi muntu, kungavuki muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka