Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 45:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Gibela ebukhosini bakho ngokunqoba, ngenxa yeqiniso, ukuthobeka nokulunga; isandla sakho sokunene masikufundise izenzo ezimangalisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ukhwele ebukhosini bakho, uphumelele ngenxa yeqiniso, nobumnene, nokulunga; isandla sakho sokunene sizakufundisa izinto ezesabekayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 45:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela*


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude;


Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho,


ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.


Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,


nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”


Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka