Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 40:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 40:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla.


Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo.


Ngizakukubonga ebandleni elikhulu, ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.


“Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”


“UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka