Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 34:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 34:7
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


“Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.


Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;


UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”


Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami, ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo, ngokuba sengibonile ngawami amehlo.


Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


“Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka