Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 28:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaJehova nokwenza kwezandla zakhe; uyakubadiliza, angabakhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ngokuba abayinaki imisebenzi kaSimakade, nokwenziwe yizandla zakhe. Uyobadiliza, angabe esabakha kabusha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngenxa yokuthi bengayinaki imisebenzi kaJehova nomsebenzi wezandla zakhe, uyobachitha futhi angabakhi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 28:5
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yiyo eyakwakhela igama lami indlu; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wayo kuze kube phakade.


“Ngokuba wena Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi: ‘Ngiyakukwakhela indlu;’ ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.


Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,


Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


“Consani, mazulu, phezulu, amafu athuntulule ukulunga; umhlaba mawuvuleke, kuthelwe ukusindiswa, kumile nokulunga; mina Jehova ngikudalile.


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakheke wena ntombi ka-Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Ayikho imilingo engamelana noJakobe; akukho ukubhula okungamelana no-Israyeli; manje sekuyashiwo ngoJakobe nango-Israyeli ukuthi uNkulunkulu wenzeni.


Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye


Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,


Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka