Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 18:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

43 Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Wangikhulula ekuxabaneni kwabantu; ungenze inhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 18:43
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba.”


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


“Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


lowo uNkulunkulu wamphakamisa ngesokunene sakhe abe yiNkosi noMsindisi ukuba anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


Futhi u-Isaya uthi: “Kuyakuba khona impande kaJesayi, yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo,


kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa,


wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,


ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka