Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 110:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Intonga yamandla akho uJehova iyakuyelula iseSiyoni; ubuse phakathi kwezitha zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 110:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”


Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Nina nonke enimzungezayo manimkhalele; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: ‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!’


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”


Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.


Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka