Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngasithatha isancinza sami, ngisihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babenzile ihlazo nobuwula kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 20:6
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.


“ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.


Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”


Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”


Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.


Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.


sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni, nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu, nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka