Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 16:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wathi kuye: “Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwanga ngawo, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Wathi kuye: “Uma bengibopha ngezintambo ezintsha ezingakaze zisetshenziswe, khona ngiyoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wathi kuye: “Uma bengibopha ngamagoda amasha, angakaze abanjwe, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 16:11
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.


Olungileyo uyazonda amazwi amanga, kepha omubi ubanga amahloni, ahlazise.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Basho kuye, bathi: “Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha, sikunikele esandleni sawo, kodwa impela asiyikukubulala.” Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.


Wayesethi uDelila kuSamsoni: “Bheka, udlale ngami, wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.”


UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka