Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UManase akabanga nabo abakhileyo eBeti Sheyani, neThahanaki nezindawo zalo eziphansi, nabakhileyo eDori nezindawo zalo eziphansi, nabakhileyo e-Ibileyamu namazanyana alo, nabakhileyo eMegido nezindawo zalo eziphansi. Hhayi ukuxosha; kodwa amaKhanani ayefuna ukuhlala kulelolizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:27
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.


Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.


U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela, wathi: “Mbulaleni naye enqoleni yakhe.” Benze njalo-ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona.


Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.


“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.


Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.


Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.


“Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.


Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.


Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka