Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wamisa amakhanda kwa-Edomi; kulo lonke lakwa-Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wamisa abalindi kwa-Edomi; kulo lonke elakwa-Edomi wamisa amabutho amabutho, futhi wonke u-Edomi waba izinceku zikaDavide. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 8:14
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu, amadodana kanyoko akukhothamele; makaqalekiswe okuqalekisayo, abusiswe okubusisayo.”


UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.


nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.


UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, uDavide waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.


UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi


Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.


UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e-Ofiri ukulanda igolide, kepha ayihambanga, ngokuba imikhumbi yaphuka e-Esiyoni Geberi.


Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.


UJehova wayenaye; nomaphi lapho eya khona, waphumelela; wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, kayikhonzanga.


Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka