Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 24:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 “Hamba ukhulume kuDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngikubekela izinto ezintathu, khetha ibe yinye phakathi kwazo, ukuba ngikwenzele yona.” ’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Hamba uthi kuDavide: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ngikubekela izinto ezintathu; zikhetheleni enye yazo, ukuze ngiyenze kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 24:12
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”


Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:


UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”


UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,


Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka