Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 23:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 UDavide womela amanzi, wayesethi: “Ngubani ozakunginika amanzi asemthonjeni eBhethlehema ongasesangweni, ngiphuze na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UDavide walangazelela, wathi: “Awu, uma umuntu ebengangiphuzisa amanzi omthombo waseBetlehema osesangweni!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 23:15
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.


Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.


UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”


Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.


Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.


“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”


Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka