Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 22:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

51 Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Ungumbhoshongo wensindiso yenkosi yakhe, uhawukela ogcotshiweyo wakhe, kuDavide nakuyo inzalo yakhe kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 22:51
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;


Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.


Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba.


Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.


Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.


Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’


Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.


Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”


kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka