Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 22:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

44 “Wangikhulula ekulweni kwabantu; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bayakungikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Futhi wangisindisa ekuxabaneni kwabantu bami, wangilondoloza njengenhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 22:44
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”


Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.


Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe, kugcwale izidumbu, ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.


Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.


Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.


Bheka, ngimnike abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali kubantu.


Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.


“Ngafunwa ngabangangicelanga, ngafunyanwa ngabangangifunanga, ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’ kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


Futhi u-Isaya uthi: “Kuyakuba khona impande kaJesayi, yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”


Njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami, nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;


UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka