Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 22:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

28 Uyabasindisa abantu abathobekileyo, kodwa amehlo akho akulabo abaqhoshayo ukuze ubathobise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Abantu abacindezelweyo bayakukhulula, kepha amehlo akho aphezu kwabazidlayo, ukuze ubawise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 22:28
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.


Ngokuba noma uJehova ephakeme, uyanakekela nokho ophansi; uyamazi ozidlayo ekude.


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.


Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Abantu bayafoliswa, namadoda ayathotshiswa, namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka