Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 21:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDavide wahamba wawathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi eGileyadi, ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho amaFilisti ayebalengise khona, lapho amaFilisti enqoba uSawule eGilibowa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 21:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.


Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.


Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”


Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.


AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.


kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa.


Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.


AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.


AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.


Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka