Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 20:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha u-Amasa akayinaka inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wafa. UJowabe nomfowabo u-Abishayi bamxosha uSheba indodana kaBigi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 20:10
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.


Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.


UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:


Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.


Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;


U-Abishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka