Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 15:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 kodwa uma ethi: ‘Angithokozi ngawe;’ bheka, ngilapha; makenze kimi lokho akubona kufanele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kepha uma ethi: “Angithokozi ngawe; bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 15:26
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”


Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.


Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”


Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u-Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.


Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelo zwe, asinike lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;


Bheka, manje sesisesandleni sakho; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka