Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 12:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UNathani wasesiya endlini yakhe. UJehova wamshaya umntwana umka-Uriya amzalela uDavide, wagula kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 12:15
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”


UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.


UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.


Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka