Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 11:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Umka-Uriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Umka-Uriya wezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile. Wamlilela umyeni wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Umka-Uriya esezwile ukuthi u-Uriya umyeni wakhe ufile, wamlilela umyeni wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 11:26
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”


Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.


UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le nto mayingabi mbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe;’ bese wumqunga isibindi.”


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


Kwathi u-Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile, u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla.


Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.


Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka