Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 6:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisele umphongolo kaJehova; yehlani, niwukhuphulele kini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Bathumela izithunywa ezakhamuzini zaseKiriyathi Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaSimakade; yehlani, niwuthathe niwukhuphulele kini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi ukuthi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaJehova; yehla uzoyicosha kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 6:21
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.*


Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu.


Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.


“ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli.


ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.


IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.


umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;


Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.


Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.


Benyuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi iMahane Dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka