Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 6:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Abantu baseBeti Shemeshi base bethi: “Ngubani ongema phambi kukaJehova, lo Nkulunkulu ongcwele, na? Uyakwenyukela kubani esuka kithina na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Abantu baseBhethi Shemeshi base bethi: “Ngubani ongama phambi kukaSimakade, uNkulunkulu ongcwele na? Uma umphongolo usuka lapha kithi uyakwenyukela kuphi na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Base bethi abantu baseBeti Shemeshi: “Ngubani ongema phambi kwalo Jehova uNkulunkulu ongcwele na?” futhi uyokwenyukela kubani esuka kithi?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 6:20
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”


Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?


Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.


Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.


Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.


Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”


Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”


Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyikuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe silukhuni phezu kwethu naphezu kukaDagoni unkulunkulu wethu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka