Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 26:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UDavide wathi ku-Abineri: “Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwa-Israyeli na? Awulindanga ngani inkosi yakho, inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 UDavide wambuza u-Abhineri wathi: “Kanti wena awusiye yini umuntu, ukhona yini onjengawe kwa-Israyeli na? Awuyiqaphanga ngani inkosi yakho, inkosi uSawule na? Kufike omunye wabantu ukuzobulala inkosi yakho, inkosi uSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UDavida wasesithi kuAbhineri: Kawusiyo yini indoda eliqhawe? ngubani onjengawe kwa-Israyeli na? Pho, awuyigcinanga ngani inkosi yakho inkosi na? ngoba kufike omunye wabantu ukuzochitha inkosi, inkosi yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 26:15
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Wayeseza kubafundi, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Kanti beningelinde nami ihora libe linye na?


UDavide wabiza abantu no-Abineri indodana kaNeri, ethi: “Awusabeli, Abineri, na?” U-Abineri wayesesabela ethi: “Ungubani wena obiza inkosi na?”


Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka