Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Uyabona, ngiyothumela umfana, ngithi kuye: ‘Hamba ucinge imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, inganeno kwakho, yithathe,’ ubokuza ngokuba uyobe uphephile, kungekho ngozi; ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bheka, ngithuma umfana othi: ‘Hamba ufune imicibisholo. Uma ngiqinisile ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo ingaphesheya kwakho, yithathe; bese uyafika, ngokuba kukhona ukuthula kuwe akukho bubi; ngeqiniso kuphila kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:21
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”


Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo.


Kepha uma ngithi kanje kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho,’ hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.


Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka