Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 16:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; wamenza udibi lwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe, wamthanda kakhulu; waba ludibi lwezikhali zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 16:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.


Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu.


Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.


uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.


USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.


Lapho uSawule embona uDavide ephuma ukuhlangabezana nomFilisti, wathi ku-Abineri induna yempi: “Abineri, yindodana kabani lo mfana na?” U-Abineri wathi: “Kuphila kwakho, nkosi, angazi.”


UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka