Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 16:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha uMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi kaJehova wamesabisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 16:14
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


Wathi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wathi: “Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe.” Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.


USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu, wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.


UNkulunkulu wathuma umoya omubi phakathi kuka-Abimeleki nabantu baseShekemi; abaseShekemi bambhumbuluza u-Abimeleki


UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu.


Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka-ke, umoya omubi ovela kuNkulunkulu ukuzumile.


Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu;* kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.”


Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu,* walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owavela kuNkulunkulu wamehlela uSawule, wabheva phakathi kwendlu; uDavide wayebetha ngesandla sakhe njengokwenza kwakhe izinsuku ngezinsuku; uSawule wayenomkhonto wakhe esandleni sakhe.


USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.


USamuweli wathi kuSawule: “Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze njani.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka