Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 12:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi nakuba nikwenzile konke lokho okubi, ningaphambuki ekumlandeleni uSimakade, kodwa mkhonzeni uSimakade ngayo yonke inhliziyo yenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 USamuweli wayesethi kubantu: “Ningesabi; nenze bonke lobu bubi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 12:20
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi; ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda; akuyikunamathela kimi.


Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.


Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu: “Nenzile isono esikhulu; sengiyakukhuphukela kuJehova, uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.”


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’


“Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,


“Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


“Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulotshiwe encwadini yomthetho kaMose, ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka