Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha ekhaya, babuyisele umvuzo kubazali babo, ngokuba lokho kuhle kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha ekhaya, babuyisele umvuzo kubazali babo, ngokuba lokho kuhle kuyabongeka phambi kukaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 5:4
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.


UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.


Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe; akuyikuba khona lapho egogobala khona.


Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:


“Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.


Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu


Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Wayenamadodana angamashumi amane namadodana amadodana akhe angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi ayisikhombisa; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisishiyagalombili.


Wakuthatha, wangena emzini; uninazala wabona lokho abekukhothozile; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.


URuthe wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Mangihambe, ngiye ensimini, ngikhothoze ezikhwetshini emva kwalowo engiyakufumana umusa emehlweni akhe.” Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka