Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UZefaniya 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaSimakade, ngijezise izikhulu namadodana enkosi, nabo bonke abembethe izingubo zabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova, ngihambele izikhulu, namadodana enkosi, nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Njalo ngosuku lomhlatshelo weNkosi, ngizahambela iziphathamandla, labantwana benkosi, labo bonke abembethe izembatho zezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UZefaniya 1:8
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kumphathi wekamelo lezembatho: “Khiphela zonke izinceku zikaBhali izembatho.” Wazikhiphela-ke izembatho.


Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.


Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe.


Ngalolo lusuku uSimakade uyowajezisa amabandla asezulwini phezulu, namakhosi omhlaba emhlabeni.


Namanye amadodana akho oyakuwazala, ayakuthathwa abe ngabathenwa esigodlweni senkosi yaseBhabhele.”


Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba.


“Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka