Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




URuthe 4:14 - IsiZulu 2020

14 Abesifazane bathi kuNawomi: “Makadunyiswe uSimakade namuhla ongazange akuncishe umhlengi. Ukuphe umzukulu oyigazi lakho. Sengathi igama lakhe lingadunyiswa kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Abesifazane base bethi kuNawomi: “Makabongwe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenasihlobo segazi, ukuze igama lakhe lidume kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




URuthe 4:14
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


yathi: “Makabongwe uSimakade, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abhrahama, ongayekanga ukukhombisa umusa nokwethembeka kwakhe enkosini yami. Nami uSimakade ungiholile endleleni ngaze ngafinyelela emzini wesihlobo senkosi yami.”


Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.


Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka