Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 5:6 - IsiZulu 2020

6 alethe umnikelo kuSimakade, ube yinhlawulo yesono asenzileyo, insikazi emhlanjini wakhe wezimvu noma wezimbuzi, ibe wumnikelo wesono; umphristi uyomenzela ukubuyisana ngesono sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kumelwe alethe umnikelo wawo wecala kuJehova ngenxa yesono sakhe one ngaso, imvukazi yasemhlambini, noma iwundlu noma izinyane lembuzi, ibe ngumnikelo wesono; futhi umpristi kumelwe awenzele isihlawulelo ngesono sawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 5:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emphemenigumbi wesango kwakukhona amatafula amabili ngapha nangapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa, umnikelo wesono nomnikelo wecala.


Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukaniswe ngamakamelo angcwele, lapho abaphristi abaseduze noSimakade beyakudlela khona okungcwelengcwele. Bayakubeka lapho umnikelo wokusanhlamvu, umnikelo wesono nomnikelo wecala, ngokuba leyo ndawo ingcwele.


Ngosuku angena ngalo endlini engcwele, egcekeni elingaphakathi, ukuyokhonza kuyo, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


uma azisiwe isono asenzileyo, uyoletha umnikelo wembuzi yensikazi engenasici, ngesono sakhe asenzileyo.


Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


“ ‘Uma elethe iwundlu laba ngumnikelo wakhe wesono, uyoletha insikazi engenasici.


Wonke amanoni ayo uyowasusa ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wewundlu elinikelelwe ukuthula, umphristi awashise kube nentuthu e-althare, phezu kweminikelo yokushiswa kaSimakade, amenzele ukubuyisana ngesono sakhe asenzile, athethelelwe.


Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi,


Izinsuku zakhe zobunaziri uyakuzehlukanisela uSimakade, alethe imvu yeduna enonyaka, ibe ngumnikelo wecala. Izinsuku zakhe zakuqala ziyoba yize, ngokuba ubunaziri bakhe bungcolisiwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka