Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 24:5 - IsiZulu 2020

5 “Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kumelwe uthathe ufulawa ocolekileyo ubhake kuwo amaqebelengwane ayishumi nambili; okweshumi okubili kufanele kube ekhekheni elilodwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 24:5
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wathatha amatshe ali-12 njengomumo wezizwana zamadodana kaJakobe, okwakufike kuye izwi likaSimakade, lathi: “Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.”


ukusiza futhi nangezinkwa zokubukwa, impuphu ecolisekileyo yomnikelo wempuphu, amaqebelengwane angenamvubelo, okuphekwe ngamabhodwe, okuxutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;


Abanye abafowabo bamadodana amaKhohathi babengamele izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise ngawo wonke amasabatha.


Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu.


“Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni.


Uyobeka njalo phambi kwami phezu kwetafula isinkwa soBukhona bami.”


itafula nayo yonke impahla yalo, nesinkwa soBukhona bukaSimakade;


wahlela kahle isinkwa phezu kwalo phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Uyakungenisa itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, uyakufaka uthi lwesibani bese ubeka izibani zalo.


“Phezu kwetafula lezinkwa zobukhona, bayakwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, babeke kuyo izingqwembe, izinkezo, izinkamba, nezindebe zomnikelo wokuphuzwayo; kuhlale kunesinkwa phezu kwalo.


ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zobukhona okungavunyelwe ukuba azidle, kodwa ezidliwa abaphristi kuphela na?


isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.


Ngokuba kwakhiwa ithabanakeli lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, itafula, nesinkwa sokubukwa; libizwa ngokuthi yiNdawo eNgcwele.


Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.


Umphristi wayesemnika isinkwa esingcwele, kwazise sasingekho esinye isinkwa lapho, kuphela esoBukhona esasisuswe phambi kukaSimakade ngesikhathi kubekwa esisha esishisayo.


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka