Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 21:6 - IsiZulu 2020

6 Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kumelwe babe ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangangcolisi igama likaNkulunkulu wabo; ngoba baletha iminikelo yomlilo kaJehova lesinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 21:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngathi kubo: “Ningcwele kuSimakade, nezitsha zingcwele, isiliva negolide liyiminikelo yesihle kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu.


Nabaphristi abasondela kuSimakade mabazingcwelise, funa uSimakade ababhubhise.”


“Uyokwenza ucwecwe lwegolide elicwengekileyo, uqophe kulo njengokuqoshwa kwendandatho, ukuthi: ‘Wehlukaniselwe uSimakade.’


“Ngiyongcwelisa ithende lokuhlangana ne-althare, ngingcwelise u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze bengabaphristi.


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


Ngokuba ningenise abezizwe abangasokile enhliziyweni nasenyameni, ukuba bangene endlini yami engcwele, bayingcolisa indlu yami; lapho ninikela kimi ngesinkwa, ngamanoni nangegazi; nasephula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


“Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.


Akuyukuba bikho muntu wozalo luka-Aroni, umphristi, oyosondela anikele ngeminikelo yomlilo kuSimakade uma ekhubazekile; akayukusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.


Akayukungena esihenqweni, noma asondele e-althare, ngokuba ukhubazekile, ukuze angazihlambalazi izindawo zami ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka