Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 21:10 - IsiZulu 2020

10 “ ‘Ongumphristi ophakanyisiwe phakathi kwabafowabo, lowo owathelwa ngamafutha okugcoba ekhanda lakhe, wehlukaniswa ukuba embathe izembatho, akayukuwaqhaqha amagoda ekhanda lakhe, noma aklebhule izembatho zakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lowo ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, okuthelwe phezu kwekhanda lakhe amafutha okugcoba, wangcweliswa ukuba embethe izingubo, makangambuli ikhanda lakhe, adabule izingubo zakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 21:10
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Kufana namafutha amahle ekhanda, ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezembatho zakhe.


Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


“Umuntu onesifo sochoko ziyakuklejulwa izingubo zakhe, ikhanda lakhe linganakwa, awamboze amadevu, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’


Umphristi oyogcotshwa ahlukaniselwe ukuba abe ngumphristi esikhundleni sikayise, uyokwenza ukubuyisana, agqoke izembatho zelineni, izembatho ezingcwele.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


Wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba, wamhlukanisela umsebenzi.


Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.


Akayukuzingcolisa noma ngabe kufa uyise noma unina, noma umfowabo noma udadewabo, ngokuba isithembiso sakhe sobunaziri sisekhanda lakhe.


Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka