Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 19:23 - IsiZulu 2020

23 “ ‘Uma senifikile ezweni, niyotshala izinhlobonhlobo zemithi edliwayo, kuthi izithelo zayo nizithathe njengokungasoki kwayo iminyaka emithathu zibe njengezingasokiwe kini: aniyukuzidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “ ‘Nanxa senifikile ezweni, nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo, anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Futhi lapho nifika ezweni futhi nitshale zonke izinhlobo zemithi ukuba zidliwe, kumelwe nibheke izithelo zayo njengezingasokile; iminyaka emithathu liyakuba ngokungasoki kini; ingadliwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 19:23
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uMose waphendula uSimakade, wathi: “Abantu abazange bangilalele; uzongilalela kanjani uFaro nginezindebe ezingasokwanga kanje na?”


Kepha uMose wathi phambi kukaSimakade: “Njengoba nginezindebe ezingasokwanga nje, uzongizwa kanjani uFaro na?”


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


Ngosuku lwesishiyagalombili umfana uyosokwa ijwabu.


“Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo.


Umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaSimakade, ngenxa yesono sakhe asenzileyo, athethelelwe esonweni sakhe asenzileyo.


Kepha ngonyaka wesine zonke izithelo zayo ziyokuba ngcwele, ezokudumisa uSimakade.


“Uma kuzalwa inkunzi noma inqama noma impongo, iyohlala nonina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kuqhubeka iyokwemukeleka ukuba ibe ngumnikelo womlilo kuSimakade.


Aniyukudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha kuze kufike lolo lusuku, nize nilethe umnikelo kaNkulunkulu wenu; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka