Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 17:5 - IsiZulu 2020

5 Ngalokho abantu bakwa-Israyeli bayoletha imihlatshelo yabo abayihlabele endle, bayoyiletha kuSimakade, kumphristi ongasemnyango wethende lokuhlangana bayinikele ibe yiminikelo yokuthula kuSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangaletha imihlatshelo yabo abayiletha endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi, bayilethe ngokuthula. Iminikelo kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 17:5
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.


U-Abhrahama waphakamisa amehlo wabona; bheka, nansi inqama emva kwakhe ibhajwe ngezimpondo ehlozini. Wayithatha inqama wenza ngayo umhlatshelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”


Wanikela ngomhlatshelo elapho kwelezintaba, wamema nezihlobo zakhe ukuba zidle. Badla, base belala kulo elezintaba ngalobo busuku.


Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, izinsika, no-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.


Abantu babenza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, ngoba yayingakabi bikho indlu eyakhelwe igama likaSimakade, kwaze kwaba yilezo zinsuku.


USolomoni wamthanda uSimakade, wahamba ngokwezimiso zikaDavide, uyise, kodwa naye wayehlaba, eshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


Wahlaba, washisa nempepho ezindaweni eziphakemeyo, emagqumeni naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Bazigxumekela izinsika zo-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo, naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, emagqumeni naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.


Kuyakuthi uma seziphelile lezo zinsuku, kube ngusuku lwesishiyagalombili kuya phambili, bese abaphristi benikela iminikelo yenu yokushiswa e-althare, neminikelo yenu yokuthula; ngiyakunamukela-ke,” kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Kepha abaphristi babaLevi, amadodana kaZadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele ngesikhathi abakwa-Israyeli bephambuka kimi, yibona abayakusondela kimi, bangikhonze, bame phambi kwami, banikele ngamanoni nangegazi, kusho iNkosi uSimakade.


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Umphristi uyofafaza igazi e-althare likaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuSimakade,


niyobhubhisa nishaye icole zonke izindawo lapho izizwe eniyakuziphuca izwe zazikhonza khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, emagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka