Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 16:6 - IsiZulu 2020

6 U-Aroni makanikele ngenkunzi, ibe ngumnikelo wakhe wesono; azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Aroni kumelwe alungise inkunzi yakhe yomnikelo wesono azenzele yena nendlu yakhe isihlawulelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 16:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


Uyakunika abaphristi abangabaLevi, ozalweni lukaZadoki, abaseduze nami ukuba bangikhonze, balethe iduna libe ngumnikelo wesono,” kusho iNkosi uSimakade.


Kuyakuthi uma seziphelile lezo zinsuku, kube ngusuku lwesishiyagalombili kuya phambili, bese abaphristi benikela iminikelo yenu yokushiswa e-althare, neminikelo yenu yokuthula; ngiyakunamukela-ke,” kusho iNkosi uSimakade.


U-Aroni uyongena endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, inqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,


Uyothatha izimpongo ezimbili, azibeke phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-althare, unikele ngomnikelo wakho wesono, nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana andukuba unikele ngomnikelo wabantu ubenzele ukubuyisana, njengalokhu uSimakade eyalile.”


Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.


wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.


Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka