Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 16:26 - IsiZulu 2020

26 Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lowo odedela impongo ka-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, angene ekamu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 16:26
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘Niyakungcoliswa yizo, kuthi bonke abathinta izidumbu zazo babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Bonke abathwala izilwane ezifile bayakuhlanza izingubo zabo, futhi babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.


Othwala isidumbu saso uyohlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.


Zonke lezi zilwane zingcolile kini phakathi kwezilwane ezihuquzelayo; oyothinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kube kusihlwa.


Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


“ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta leyo ngcuba uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Odla ingcuba makahlambulule izingubo zakhe, uyoba ngongcolile kuze kuhlwe. Othwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.


Noma yimuphi othinta lezi zinto uyakuba ngongcolileyo, uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Kepha impongo edliwe wunkatho luka-Azazeli iyakubekwa iphila phambi kukaSimakade ukuze kwenziwe ngayo ukubuyisana, bese ithunyelwa ehlane ku-Azazeli.


Amanoni omnikelo wesono uyowashisa e-althare.


Okushisayo uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.


U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli.


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


lokhu akukho okupheleliswe ngomthetho, yingakho-ke sesinikwe ithemba elingcono, okungalo sisondela kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka