Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 13:6 - IsiZulu 2020

6 Ngosuku lwesikhombisa uyakumhlola okwesibili, uma ibala lifiphele, nesifo singaqhubekanga, uyakumemezela ukuthi uhlambulukile, bekulutwayi, ageze izingubo zakhe, abe ngohlambulukile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 umpristi abuye ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umpristi kumelwe aphinde ambone ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandile esikhumbeni, umpristi makasho athi uhlambulukile; luwutwayi nje; futhi kumelwe izingubo zakhe, futhi ahlambuluke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 13:6
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


mawuzwe Wena usezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubenzele ubulungiswa.


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Ngubani ongasho athi: “Ngiyigcinile inhliziyo yami ihlanzekile; ngimsulwa ezonweni zami,” na?


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqanyo akayukuwucima, uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.


Bonke abathwala izilwane ezifile bayakuhlanza izingubo zabo, futhi babe ngabangcolile kuze kuhlwe.


Othwala isidumbu saso uyohlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.


Odla ingcuba makahlambulule izingubo zakhe, uyoba ngongcolile kuze kuhlwe. Othwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


“Uma umuntu emilwa iguludla esikhumbeni noma siba notwayi, noma yibala elikhanyayo bese liphenduka libe wuchoko, lowo muntu uyakulethwa ku-Aroni, umphristi, noma kwenye yamadodana akhe, angabaphristi.


Umphristi uyakumhlola ngosuku lwesikhombisa, uma ebona ukuthi isifo simile asiqhubeki, umphristi uyakumvalela okwesibili ezinye izinsuku eziyisikhombisa.


Kepha uma utwayi luqhubekile lwanda esikhumbeni emveni kokuba esezibonakalisile kumphristi ukuze kuqiniswe ukuthi usehlambulukile, uyophinde azibonakalise kumphristi okwesibili.


“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.


Kepha memukeleni obuthakathaka ekukholweni, kungabi ngemidlinzo yokumehlulela.


Bathandekayo, lokhu sinalezo zithembiso, masizihlambulule kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka