Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 12:6 - IsiZulu 2020

6 “ ‘Lapho seziphelile izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe emveni kokubeletha umfana noma intombazane, uyoletha iwundlu leduna elinonyaka, libe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono. Lokhu uyokuletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho seziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwakhe, endodana noma endodakazini, kumelwe alethe iwundlu elinonyaka owodwa libe ngumnikelo wokushiswa nephuphu lejuba noma ihobhe njengomnikelo wesono emnyango. Kusukela etendeni lokuhlangana, kuya kumpristi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 12:6
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kuye: “Ngilethele isithole esineminyaka emithathu, imbuzikazi eneminyaka emithathu, inqama eneminyaka emithathu, ihobhe nephuphu lejuba.”


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwe azale umntwana womfana uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini, uyoba ngongcolile.


Kodwa uma ezale intombazane, uyobe engcolile amasonto amabili njengalokhu kwenzeka lapho esesikhathini. Isikhathi sokuhlambuluka kwakhe egazini siyoba yizinsuku ezingama-66.


Umphristi uyokunikela phambi kukaSimakade, amenzele ukubuyisana, ukuze ahlambuluke ekopheni kwakhe. Yilowo umthetho wozele umfana noma intombazane.


namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, ngokwamandla akhe. Elinye liyoba ngumnikelo wesono. Elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Ngosuku lwesishiyagalombili uyozithathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, eze phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, awanike umphristi.


Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Ngosuku lwesishiyagalombili uyoletha kumphristi amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Kwathi ukuba ziphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bayomethula eNkosini,


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka